Nokuhluleka ukuhambisa umyalelo obhaliwe kummangalelwa wokuthi avele enkantolo.
Ekuhlukumeza ngokomzimba noma ngokocansi, isibonelo, ekushaya noma ekudlwengula.
Ekuhlukumeza ngamazwi, ngokomoya nemizwa noma ngokwengqondo , isibonelo, ekwethuka, ekuphatha ngendlela yomona noma ekhweleza ngokweqile njalo.
Ekukhathaza , isibonelo, ehlala ekushayela izingcingo ezicasulayo, ekuthumela izincwadi zochuku, noma ekunqabela ekwenzeni izinto, noma egadane nawe ekulandelela lapha oya khona.
Engena endaweni yakho ngaphandle kwemvume yakho.
Ekuhlukumeza ngokwezimali, isibonelo lapho umyeni noma uphathina efuna ukwenza zonke izinqumo ngemali, futhi engafuni ukukhokhela ukudla noma imali yesikole, nokunye.
Ekwesabisa, isibonelo, ekusabisa ngokukubulala uma ufuna ukuya emaphoyiseni.
Elimaza impahla yakho, isibonelo, eshisa izingubo zakho zokugqoka, ephihliza ifenisha yakho, noma edabula amathayela emoto yakho.
Ephula umyalelo okhona wenkantolo wokukuvikela.
Eziphatha nanganoma yiyiphi indlela yokukuhlukumeza, esabisa ukuphepha kwakho, impilo yakho noma indlela yakho yokuphila kahle.
Fakela isikhalazo ngokwako uqobo, ngokushayela ucingo, ngencwadi, noma nge-email kunoma yiliphi ihhovisi eliseduzane nawe labe-ICD.
Ukwamukela isikhalazo ngokubhala kungathatha cishe izinsuku ezingu-30.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
